
Ngu: Minenhle Mpembe |
Ichazwe njengo muntu okade ehlonipha futhi izithobile ingqalabutho yeLadysmith Black Mambazo engasekho u-Albert Mazibuko. Isikhulumi ngemuva kwesikhulumi sincome ukuzehlisa kukaMazibuko enkonzweni yakhe yesikhumbuzo ebibanjelwe eConvenant Fellowship Church International (CFCI) eThekwini ngoLwesithathu.
Abantu bebephume ngobuningi babo bezoduduza umndeni wakwaMazibuko osemanzini.UNhlanhla Mazibuko indoda endala kamufi uthe uzizwa enokuthula ngokudlula kukababa wakhe. Uqhube wathi basitholile isikhathi sokuba naye bemnakekela.
“Ngifunde inhlonipho kubaba futhi nginethemba ukuthi umculo wescathamiya uzoqhubeka ngenxa yendlela ubaba ekade eziphatha ngayo,” kusho uMazibuko. UThokozani Zulu, usihlalo wamaciko aKwaZulu-Natal uphawule ngokuthi waqala ukuzwa umculo weBlack Mabhazo kumsakazi obizwa ngoKhozi FM ngengoma ethi “Lelilungelo ngelami”.UZulu uthe ” kuyisiko lethu KwaZulu-Natal ukuthi kumele sisondele lapho kuvele khona umonakalo. Abantu abasafufusa ngokomculo kumele bafunde inhlonipho uMazibuko.”Inkonzo ibihlanganyelwe abaculi beGospel ukuthi bezocula ukuze umndeni wakwa-Mazibuko ungazizwa uwodwa.UThulani Shabalala, ongumculi we-Black Mambazo uthi uqale ukusebenza noMazibuko ngo 1998 lapho babehamba izindawo ezinjengo America nako-UK.” Ubaba uMazibuko ubeyindoda ezimiselayo ngomsebenzi wayo futhi ehlonipha ephinde ebe nothando,” kusho uShabalala.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
