
Uphithanelwe amakhanda umndeni wowesifazane wakuleli oshonele e-United Kingdom njengoba intula imali yokulanda isidumbu sakhe neyokumfihla. UNksz Nomsa Khumalo, oneminyaka engu-41, odabuka e-Umlazi, KwaZulu-Natal, ushonele e-UK ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokugula isikhashana.
Ushone ngomhlaka 10 kuMbasa 2026, kodwa umndeni ubikelwe ngokudlula kwakhe ngoMsombuluko ngomhlaka13 kuMbasa yiziphathimandla zase-UK. Umfowabo kamufi, uMnz Bongani Khumalo, uthe udadewabo ungenwe yisifo samaphaphu ngoLwesibili eledlule walaliswa esibhedlela. “Wasifonela ngoLwesithathu olwedlule wasibikela uphefumula kanzima. Odokotela bathi une-pneumonia enzima.
NgoLwesihlanu ntambama, umngani wakhe ohlala naye wasitshela ukuthi usishiyile,” kusho uKhumalo. I-Royal London Hospital abesebenza kuyo ukuqinisekisile ukushona kwakhe kodwa ayizange iyidalule imininingwane yezempilo ngenxa yomthetho wezobumfihlo e-UK, i-Data Protection Act. Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu ubungalaphumi.
Umndeni ubhekene nenselelo yezindleko zokubuyisa isidumbu, ezilinganiselwa ku-R210, 000. Umufi ubengenayo i-funeral cover yamazwe ngamazwe.Okhulumela i-DIRCO, uClayson Monyela, uqinisekisile ukuthi umnyango ubukelwe ngalolu daba. “Uma isakhamuzi saseNingizimu Afrika sishonele phesheya, i-High Commission yethu iyangenelela ukuqinisekisa ukuthi umndeni uyaziswa, kusizwe ngamaphepha omngcwabo, futhi uma kunesidingo, kuxhunyaniswe nezinhlaka zokusiza ngokwezimali.
Kodwa umbuso awukhokheli izindleko zokubuyisa isidumbu ngqo,” kuchaza uMonyela. Umphakathi wakwa-C eMlazi usuqalile ukuqoqa imali yokusiza umndeni.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
