
Ngu: Mfanafuthi Nxumalo |
Uphiko lwentsha lwe-ANC kwisifunda saseThekwini luyaqhubeka nomkhankaso walo omkhulu wokuxosha abokufika abangenazo izimvumo zokuba kuleli abagcwele emafemini akhele idolobha.
Lokhu kulandela umkhankaso wabo omusha oholwa ubuholi besiFunda seTheku eShallcross ku-ward 71 lapho bethole khona abantu abaqashwe ngokungemthetho.
Ithimba ligasele kulezi zinkampani.
1. Novita shoe company
2. Labora Shoes
3. Deez Steel company
Lolu phiko selizakhele ugazi emiphakathini ngemunva kokuba ingxenye yalemikhankaso elwisana nokuqashwa kwabokufika ngokungemthetho phezu kwabeNgabade.
Lo mkhankaso obuseShallcross ubuholwa nguNobhala walolu phiko uNkk Nokulunga Khuzwayo kanye nePhini likaSihlalo uMnuz Sphelele Nene.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
