
Lowo owayeyiMeya yoMkhandlu weTheku uJames Nxumalo useqokwe njengo Mxhumanisi we-ANC KwaZulu-Natal. UNxumalo umenyezelwe eThekwini ngoLwesithathu nguNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.
UNxumalo ungena esihlalweni sikaMike Mabuyakhulu yena oseqokwe njengo Mdidiyeli. KuNdiyema zikhwele njengoba engene endaweni kaJeff Radebe yena oshaywe emnyango.
Ubuholi be-ANC kuzwelonke bebulokhu bukhala ngokungenzi kahle kombutho esifundazweni. UMbalula waze wathi ngesikhathi befaka uRadebe noMabuyakhulu babecabanga ukuthi baletha eFerrari kanti baletha iTazz.
UNxumalo uzosekwa uSiphile Mdaka iMeya yaseMkhanyakude.UBongi Sithole-Moloi benoSboniso Duma bona bazoba amasekela kaNdiyema bobabili kuthi uNomagugu Simelane-Mngadi yena abengumqoqi wezimali.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
