Inkohlakalo yenze uNgqongqoshe wezemisebenzi yomphakathi avale u-EPWP

UNGQONGQOSHE wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uDean Macpherson anikeze uMasipala weTheku izinsuku ezingu-30 ukuthi wamukele isinqumo somkhandlu ozosungula uphenyo kanye nezinyathelo zokulungisa isimo, ngemuva kokukhipha umyalelo wokuthi uxhaso lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) lubanjwe ngonyaka wezimali ka-2026/27.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba, uMacpherson uthe lesi sinqumo silandela ukungahambi kahle kwezinto okuhlonzwe uMcwaningi Mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika.

“Sikhona namuhla ngoba udaba oluphambi kwethu lubucayi,” usho kanje. “Akuyona nje into ebucayi ngoba ithinta imali yomphakathi, kodwa ibucayi ngoba ithinta imali okwakuhloswe ngayo ukweseka abantu baseNingizimu Afrika abampofu nabangasebenzi ngamathuba emisebenzi adalwe ezinhlelweni zikahulumeni, okuhlanganisa nohlelo i-Expanded Public Works Programme.”

UMcwaningi Mabhuku Jikelele uhlonze izimpambuko ezinkulu ohlelweni lwe-EPWP, okuhlanganisa ukukhokhelwa kwemisebenzi engenziwanga, ukuqashwa ngocansi, abahlomuli abayizipoki, kanye nabantu abangafanelekile abathola izimali ezihloselwe izakhamuzi ezifanele.

UMphathiswa woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN, Martin Meyer, naye uhambe ezinyathelweni zikaNgqongqoshe ukuzibophezela ekuvaleni izikhala ezivumele lokhu ukuthi kwenzeke. Siqinisa ukwengamela, futhi bazoseka omasipala ekwethuleni lolu hlelo ngendlela efanele, kanye nokubuyisela ukwethembeka okufanele i-EPWP.

Uma usola ukukhwabanisa noma izinto ezingekho emthethweni endaweni yangakini, kubike ku-www.publicworks.gov.za Thola ikhodi ye-QR ekhasini lokubikezela. IRandi ngalinye kufanele lifinyelele ezandleni ezifanele.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.