
Buthembisa izinguquko ezinqala ubuholi obusha beSAFA eMzinyathi District eliholwa nguSphamandla Madondo. Kubaholi abasha abakhethiwe, kukhona nosihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza, nosemkantshubomvu ebholeni laseNingizimu Africa.
UMadondo utshele IBUNDA News ngezinhlelo nezinguquko abeza nazo njengethimba elisha le-SAFA eMzinyathi District.
“Okuqala sizothuthukisa ibhola labantu besifazane libe sezingeni eliphezulu kakhulu, ngoba sidinga ukukhiqiza amaqembu abantu besifazane abazodlala esigabeni se Hollywood Bet Super League. Sizogqugquzela ibhola lezikole ngoba, siyakholelwa kulona ukuthi lizobuyisa usiko lemidlalo yebhola ezikoleni eMzinyathi. Njengoba sithi inkuzi isematholeni” kusho uMadondo.
Uzokhumbula ukuthi abadlali abaningi abaqhama ebholeni eNingizimu Africa baqhamuka ebholeni lezikole abafana no Doctor 16 Cv Khumalo, Thabang Lebese, Brain Baloyi, Frank Makua, Thabo Mooki, Siyabonga Nomvete, Sibusiso Zuma, Ntokozo Sikhakhane, Phumlani Mkhize, Jabu Mahlangu, Lebohang Mokoena, Joseph Makhanya, Benedict Vilakazi.
“Sizophinda sisebenzisane nabadlali bethu bakudala eMzinyathi ekulekeleni abadlali bethu abasafufusa. Sizoqhubeka nokuqeqesha onompempe abasezingeni eliphezulu ebholeni laseNingizimu Africa, abesifazane nabesilisa njengoba sinabo abadlalisa ku PSL ababili, okunguXolani Hlatshwayo no Siyabonga Nkomo. Kanti kukhona nabesifazane abadlalisa ku Hollywood Bet Super League, uSamukelisiwe Mtanti no Anele Zwane.
Sizohlangana maduze ukuzobhinga ngamacebo amasha okukhulisa uMzinyathi District ebholeni.

Ubuholi obuqokiwe obusha bumi kanjena: Umengameli ngu Sphamandla Madondo, isekela lakhe, uWelcome Mpanza, uNhlanhla Sithole, uSizwe Mngomezulu.
Kuma LFA eNdumeni, nguBhekimpi Zwane noWinile Mpungose, bese kuthi eNquthu nguYatiso Molefe, eMvoti nguZane Zondi, bese kuthi eMsinga ngu Kwanda Sithole.
Email: editor@ibunda.co.za
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
