Uyaqhubeka nokuqopha umlando uGerda Steyn

UGerda “Smiling Assassin” Steyn uqhubekile nokuqopha umlando ngesikhathi enqoba Two Oceans Marathon ihlandla lesikhombisa .

USteyn wenza isikhathi esingu 3:27 :43 ebangeni lika 56 km eshiya uMargaret Jepchumba waseKenya, ongene endaweni yesibili ngesikhathi ngo 3:33:31.

UNobuhle Nomkhosi Tshuma wase Zimbabwe ungene endaweni yesithathu wenza isikhathi esingu 3 :38 :34 .

USteyn uthi usebheke ukuvikela isicoco se-Comrades Marathon ngo June.

Lomsubathi waqala ukunqoba i-Two Oceans Marathon ngonyaka ka 2018 ngemuva kwalapho akabange esabheka emuva njengoba eseyinqobe amahlandla ayisikhombisa.

UGerda Steyn ucashunwe ephawula ngemuva kokunqoba Two Oceans Marathon ku SABC 3 wathi ujabulile ukunqoba ngaphansi kwesimo esinzima somoya wasekuseni obandayo wase Cape Town .

Email: editor@ibunda.co.za


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.