
USmart Ndlovu ongumqeqeshi woMsinga United, uncoma usihlalo woMsinga United ngokuqonda kabanzi ngabadlali abancane abayikusasa leqembu. “Abadlali abancane bangumgogodla weqembu nomangabe yiliphi emhlabeni, mangabe ubashalazela leloqembu ligcina lingenzi kahle.” kusho uNdlovu.
“Amaqembu adlala ku-ABC Motsepe League adlala ngabafana besikole nokuyinselelo enkulu ukuthi sibagcine ngemuva kokuphothula ibanga leshumi. Kumele sibe nabadlali abanesipiliyoni sibahlanganise nabancane ababuya kuMotsepe Foundation League ukuze iqembu liqine.” Kugcizelela uNdlovu.
Khona manjalo lomqeqeshi uphinde watusa abadlali bakhe abancane abadlale kahle emdlalweni weMathemba Super Cup izolo beguqisa iYoung Elephant ngamagoli angu 2-0 emdlalweni wokuqala wokuhlunga obuseWembezi Sports Ground.
UMsinga United udlale umdlalo wokugcina ku-Group F neDi Tlou FC badlala ngokulingana ngo 0-0, ngaloyondlela uMsinga United udlulele phambili kowandulela owamanqamu.
UNdlovu uthe ngalomqhudelwano bafuna ukunqobela ukubonga ngawo usihlalo weqembu loMsinga United uWelcome Mpanza nabalandeli boMsinga United.
Email: editor@ibunda.co.za
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
