
Abadlali boMsinga United badonse iso lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lika Under U20 uVela Khumalo.UKhumalo uthi uhlabeke umxwele ngabadlali boMsinga United ngendlela abadlale ngayo kwiPirates Cup.
“Khona umfana odlala emuva abambiza ngoNkosingiphile Tower Nzaca nomunye bambiza ngoSiyabonga Gologo Obomvu Sibiya, labadlali ngizobabiza eqenjini lesizwe lakuleli maduze ngiyabidinga abadlali abafela enkundleni.” kusho uKhumalo.
Lokhu okwenzekaya kukhombisa ukuthi umsebenzi wabaqeqeshi uyabonakala.Umqeqeshi woMsinga United uSmart Ndlovu usekhiqize abadlali abaningi abanohlonzo abanjengo Siphesihle Ndlovu, Thabo Cele, Nkanyiso Shinga beKaizer Chiefs, Siphephelo Yaya Sithole noNkanyiso Zungu weLerumo Lions.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
