
INkantolo yesiFunda eThekwini, igwebe uVisvin Gopal Reddy (55) inhlawulo kaR30 000 noma abhadle ejele izinyanga eziyishumi, (uhhafu wawo ulengiswe iminyaka eyisihlanu ngemibandela), emuva kokuhlambuluka evuma icala lophehla udlame ngokuka Section 17 of the Riotous Assemblies Act of 1956.
Ukuvuma icala kukaReddy, ngaphansi kukaSection 105A of the Criminal Procedure Act 51 of 1977, kusukela esigamekweni sango-05 March 2024 lapho ayekhuluma khona nabantu eShallcross, eThekwini ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Umhlangano ayekhuluma kuwona kwakungoweqembu uMkhonto weSizwe (MK) Party wawusemthethweni futhi kwakukhankaselwa leli qembu aselimele ePhalamende uReddy.Ngesikhathi ekhuluma, kwakunombango ezinkantolo ngodaba lokungena okhethweni kweMK ngo-2024 futhi kwakuwudaba olwalusematheni.
UReddy watshela abantu ukuthi kuyoba khona izibhelu nodugunyane uma i-MK ingaveli ohlwini lamaqembu okhethweni. Waqhubeka washwabula ethi ngeke lube khona ukhetho futhi akekho umuntu oyovota ezweni. Amavidiyo akhe esho lokhu asabalala nezwe lonke kwezokuxhumana nakwabazindaba.
UReddy evuma icala ukwemukele ukuthi lokhu kwakungekho emthethweni futhi wakwenza ngenhloso, kunjalo nje uyazi ukuthi amazwi akhe kwakungenzeka agovuze abantu bavuke umbhejazane. Uthe uyaqonda ukuthi njengomholi womphakathi nezepolitiki kufanele aqaphele ukuthi angagqugquzeli ukwephulwa komthetho.
UReddy uvumile ukuthi udlame alubhedukanga kodwa kwakukhona ingcuphe yokuthi lokhu kwenzeke. Uthe uyakuqonda ukubaluleka kokuqhakambisa ukuhlonishwa komthetho nentando yabantu esekelwe wumthethosisekelo.Ngesikhathi kubhekwa udaba lukaReddy, kubhekiwe nokuthi emuva kokukhuluma kanje, waphinde wafaka imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana exolisa futhi egqugquzela ukhetho olunokuthula. Okunye okubhekiwe wukuthi iNkantolo yezoKhetho yamjezisa uReddy ngesenzo esifanayo.
Wahlawuliswa uR150 000 kodwa walengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angaphuli umthetho wezokhetho ngesikhathi isigwebo silengisiwe futhi angakhulumi amagama adicilela phansi uhlelo lokhetho.UReddy njengoba ehlambulukile wavuma icala, uhlawuliswe uR30 000 noma izinyanga eziyishumi ejele kodwa uhhafu wesigwebo walengiswa iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi angatholwa enecala lokuphehla udlame okuhambisana noSection 17 of the Riotous Assemblies Act 17 of 1956 ngesikhathi isigwebo silengiswe.
I-National Prosecuting Authority (NPA), inethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye. Ukuphehla udlame kuyicala elibomvu noma ngabe kwenziwa bukhoma noma kusiphi isigcawu. Amalungu omphakathi, ikakhulukazi lawo asezikhundleni zikahulumeni, ayakhunjuzwa ukuthi ukuphehla udlame kuhambisana nemiphumela futhi i-NPA ngeke ize ingabaze ukubajezisa abenza lokhu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
