
USiphesihle Ndlovu ongumdlali waseswini weKaizer Chiefs uthi baphokophele phambili ngokuthi baqoqe amaphuzu amathathu agcwele kuTS Galaxy abazobhekana nayo eFNB Stadium ngeSonto ngo 3 ntambama.
“Singabadlali beKaizer Chiefs simunye ngokubambisana ngomsebenzi wokwenza iqembu lisebenze kahle liphinde lithole indawo engcono kuBetway Premiership League,” kusho uNdlovu.
IKaizer Chiefs yejwayele ukuthwala kanzima mangabe idlala neTS Galaxy FC. Ngakho umdlalo onzima kakhulu ngoba iKaizer Chiefs idinga amaphuzu amathathu agcwele, nokumele isebenze ngokuphindiwe mangabe ifuna amaphuzu amathathu.
I-TS Galaxy kulamalanga izinto akuyihambeli kahle kuBetway Premiership League njengoba yashaywa i-Orlando Pirates ngo 6-0, yashaywa nayiPolokwane City FC ngo 2-0 emdlalweni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
