
Abaphathi beMoses Mabhida Stadium, eThekwini, sebememezele ukuvalwa kwale nkundla isikhashana ukuze kuhlumeleliswe indawo yokudlala unobhutshuzwayo enkundleni.
Ngokwesimemezelo esisemthethweni inkundla izovalwa kusukela ngoMashi 30 kuya ku-Ephreli 30 nonyaka (2026), ukuze ilungiswe kahle futhi ibuyele esimeni.
Inhloso enkulu yalokhu ukuthi inkundla ibuyele esimeni esihle ngaphambi kwemidlalo okulindeleke ukuthi idlalwe ngoMeyi.Yize kuzobe kulungiswa lapho kudlalwa khona ngalesi sikhathi kodwa inkundla izobe iqhubeka nokusebenza njengokujwayelekile kwezinye izinto.
Izivakashi zisengeza enkundleni, ziye ezitolo nezinye izinto ezizoqhubeka nokusebenza njengokujwayelekile.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
