
I-National Prosecuting Authority (NPA) igculisekile ngesigwebo sikadilikajele neminyaka emihlanu esitholwe wuBhekani Innocent Zwane (43), eNkantolo yesiFunda eVryheid ngecala lokuthumba, ukudlwengula nokushaya owesifazane oneminyaka ewu-24, eLakeside Park eVryheid ngo-2020. Umgilwa noZwane babengazani ngesikhathi sesigameko.
Ngo-06 December 2020, umgilwa wayenabangani bakhe ethaveni yendawo. Base behlukana ngezindlela beya emakhaya. Kuthe umgilwa esendleleni, kwama imoto inabantu abane kukhona noZwane. Babhozomela umgilwa bamshaya bamshova emotweni bashaya bachitha naye baya eLakeside Park.Kuthe uma befika, baqhubeka bamshaya umgilwa balekelana ukuthi angeniswe endlini kaZwane.
Kwathi uma esengenile endlini uZwane wadlwengula kabili umgilwa.Umgilwa wagcina ekwazi ukuphunyuka wabalekela kwamakhelwane. Wathola usizo wayiswa esibhedlela wathola usizo kwathathwa nobufakazi bamasampula kuyena. UZwane waboshelwa elinye icala elingahlangene naleli, nokulapho amaphoyisa athatha khona amasampula kwavela ukuthi uyathinteka ecaleni lokunukubeza umgilwa. UZwane waboshwa kodwa labo ayenabo abatholakalanga.
Sekuqulwa icala, uKwazikwakhe Theophilus Sibiya ubize umgilwa, umphenyi wecala nomhlengikazi bonke bafakaza ngesigameko. Kwethulwe i-J88 okuwumbiko kadokotela oveza ukulimala kumgilwa. Umphumela wolibofuzo uyamanise uZwane necala lokudlwengula.UZwane ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula, iminyaka emine ngecala lokuthumba nonyaka owodwa ngecala lokushaya.
Inkantolo inqume ukuthi izigwebo azidonse kanyekanye nokuchaza ukuthi uzodonsa udilikajele. Inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
