
Kushone abasebenzi ababili bakaMasipala waseMvoti maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngemuva kokudutshwulwa kade belalelwe unyendle ngolwesibili ebusuku.Abantu abane kade behamba ngemoto bethi bayobuka ibhola eHostela laseNhlalakahle.Kanti bazozithela kumsocingi obebalalele unyendle, wabadubula kwashona ababili.
Kusinde ababili okwembulwa kuyembeswa kubona esibhedlela esingadalulwangwa ngenxa yobucayi besimo sempilo yabo.UMeya waseMvoti, uGabriel Malembe, uthi phansi amaphaphu akuyekelwe abomthetho benze umsebenzi wabo.UMalembe uhambele imindeni yezisulu ku-ward 1 eMbulwane naku-ward 2 eMatimatolo.
Unxuse abantu baseMvoti ukuthi bayeke ukuxazulula izinkinga ngesibhamu ngoba akusona isixazululo. “Abantu abahlale phansi mangabe kukhona ukungaboni ngasolinye, babonisane baphume nesixazululo,” kusho Malembe.
Amaphoyisa aseMdlovane asathungatha umbulali okholakala ukuthi ugcwele amathafa.Ngokuthola ngomthombo we-IBunda News, umuntu ekade bemfuna nguNkosi Ngubane ongumsebenzi kamasipala futhi oyilungu leqembu le-IFP.
Kanti uzohamba nabangani bakhe, badutshulwa ababili bashona, yena noDlamini — esingalitholanga igama — balimala kabi.Kumanje abahlali baseHositela eMdlovane bathuka izanya mangabe behamba kulendawo ngenxa yokwesabela izimpilo zabo.Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwabantu eHositela laseMdlovane nasemkhukhwini yakhona, kodwa kungabikho ukunqandeka kwalesi sihlava esibi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
