
UThulani Serero owayengumdlali weBafana Bafana, Ajax Cape Town ne-Ajax Amsterdam ukhala ngokuthi abadlali bePSL abanalo ugqozi lokusebenza kanzima njengo zakwabo baseEurope.
USerero uthi abadlali baseEurope basebenza kanzima ukuze baphumelele, kanti abadlali bePSL bavamise ukukhononda ngesikhathi sabo sokudlala.
“Abadlali abafana no-Erling Haaland, uRobert Lewandowski noKevin De Bruyne bahlale besebenza kanzima ukuze baphumelele. Bavuka ekuseni baziqeqeshe ukuze baphucule umdlalo wabo,” kusho uSerero.
Uthe abadlali base-Africa, kuhlanganisa nabePSL, abanalo ugqozi lokusebenza kanzima.
“Abanye abadlali bakhononda ngokungasitholi isikhathi esanele sokudlala esikhundleni sokusebenzisa isikhathi sabo ukuze baphucule umdlalo wabo,” kusho uSerero.
USerero uthi PSL idonsa kanzima kakhulu uma iqhathaniswa nePremier League neLa Liga.
“Lokhu kusho ukuthi abadlali bePSL abakulungele ukudlala Europe. “Ukushaya amagoli angu-13 emidlalweni engu 30 kubadlali bePSL kusho ukuthi abakulungele ukudlala Europe,” kusho uSerero.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
