
Inkakha yomsakazi uSipho Mbatha aka DJ Sgqemeza usephumele obala waveza ukuthi akahambanga kahle oKhozini FM.
Esitatimendeni asikhiphile, uSgqemeza ukuchithile obekushiwo woKhozi ukuthi uzicelele ukuhamba.
Uthe inkontileka yakhe ayizange ivuselelwe.
“Inkontileka yami ayizange ivuselelwe kungamanga ukuthi ngizicelele ukuhamba ngoba ngifuna ukugxila okholweni,” usho kanje.
Ukhale ngendlela ekwenziwe ngayo nokuxhunyanwe ngayo naye, wengeza ngokuthi lokhu uze wakukhuluma nezikhulu zakwaSABC.
Uthe indlela esetshenzisiwe ukuthatha lesinqumo ayigculisi, kodwa ngeke akuveze konke ngoba uvikela isithunzi soKhozi neSABC.
Uqhube wathi iziphathimandla zibe sezimnika olunye uhlelo kodwa walunqaba emva kokuxoxisana nomndeni wakhe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
