
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abaqaphi bezikhulu zikamasipala waseMkhambathini maphakathi nesifundazwe.
Labaqaphi kuvele ukuthi basebenza ngaphansi kwenkampani iCalvin and Family Security.
Okwamanje akucaci ukuthi baboshelweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uqinisekisile ukuboshwa kwalabaqaphi.
Uthe amaphoyisa alandela umkhondo wokuthola ulwazi futhi uphenyo lusaqhubeka.
“Uphenyo lusaqhubeka imininingwane eminingi soyiveza ngesikhathi esifanele,” kusho uNetshiunda.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
