
Bavelile enkantolo yaseKempton Park abesifazane abahlanu ababanjwe oqotsheni nezidakamizwa eOR Tambo International Airport eGoli.
Laba besifazane kuthiwa bebelibangise eChina bezophinde badlulele naseDubai.
Kuthiwa lezidakamizwa bebezifihle ezimpahleni zabo, ezinye bezishutheke ezithweni zabo zangasese.
Abasolwa bazobuyela enkantolo ngomhlaka 8 no 9 ku-April bezofaka isicelo sebheyili.
Iziphathimandla zithi ziyaqhubeka nokuphenya ngenkohlakalo futhi baningi absazoboshwa.
Embikweni wakamuva, kuvela ukuthi miningi imigulukudu edayisa izidakamizwa eqhamuka eMexico, esigcwele eCape Town naseGoli.
Ucwaningo luveza ukuthi abantu besifazane eNingizimu Africa basetshenziswa kakhulu ukushushumbisa izidakamizwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
