
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UKhanyisa Mayo ongumgadli weCR Belouizdad yase-Algeria obolekiswe kwiKaizer Chiefs uphefumule okukuqala ngesasa lakhe kwiMpofana.
UMayo wajoyina iKaizer Chiefs ngesivumelwano sokubolekiswa yiRC Belouizdad.
Lesi sivumelwano sizophela ngoJune.
Lo mgadli usephumele obala ngokungawashayi amagoli kuBetway Premiership League nokwenza iqembu leKaizer Chiefs libe nongabazane lokumthenga ngokugcwele kuRC Belouizdad.
UMayo usashaye igoli elilodwa emdlalweni engu 12 ayiqalile yeBetway Premiership League.
Ngokusho kaMayo uthi uzosebenza kanzima ukuthola umgqigqo wakhe wokushaya amagoli ukuze ahlale ngokugcwele kwiChiefs.
Lo mgadli ukuqonda kahle ukubhekana nengcindezi yebhola njengoba ekhulele emndenini webhola.
Lo mgadli wagqama kakhulu kuCape Town City lapho ubengalibheki khona ipali njengoba manje esebuthuntu.
Kuzokhumbuleka ukuthi umqeqeshi weRC Belouizdad uSead Ramovic watshela IBunda News ukuthi lo mgadli akulungele ukudlala ku-Algeria Premiership League ngenxa yesimo sempilo yakhe nokwamphoqa ukuthi ambolekise kuChiefs.
UMayo ubanga ijezi no-Ashley du Preez, Wandile Duba, Flavio Silver noLuke Bartaman.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
