
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Ingqalabutho yomculo wonyawo lwempungushe uBig Boy Zungu ifuna ushaye ibuya lo mculo.
Engxoweni ekhethekile neBunda News, uZungu owayengumsakazi womsakazo uRadio Zulu ngeminyaka yama 80s kuya 90s uzwakalise ukukhathazeka ngokushabalala kwalo mculo.
UZungu wayeshayela uhlelo lwalo mculo olwalubizwa ngokuthi Ezomdanso noBig Boy Zungu njalo ngomgqibelo kusukela ngo 6 kuya ku 8 ebusuku.
Wawuthatha lomculo wawubeka ebalazweni njengoba wayeyingcweti ngephimbo lakhe elimtoti.
UZungu ugonyuluke ngokushabalala kwalo mculo eNingizimu Africa
Uthe lo mculo waqedwa ngabantu abanomona ababefuna ukuwuphatha bengazilutho ngawo.
“Waqala lapho ukufadabala lomculo, amaqembu angabe asaqhubeka nokuqopha. Kwabe sekuba ukushabalala kwawo,” kusho uZungu.
Lo mculo wawuthandwa kakhulu emadolobheni amakhulu namancane njengoba kwakushadwa ngawo.
UZungu uthe engathokoza mangabe lomculo ungabuya amaqembu abuyele estudio ayoqopha.
Amaqembu aduma kakhulu kulo mculo iSnakho Dance Band neJohnny Mthethwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
