Abadlali baseMzansi banethezeke kakhulu okwenza bangaphumeleli e-Europe: Jay Jay

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

U-Austine Jay-Jay Okocha, owayengukaputeni weqembu lesizwe Nigeria, uyibeka kubo ingcabha abadlali baseNingizimu Africa ngokuhluleka ukuphumelela eEurope.

U-Okocha ukhale ngokuthi abadlali baseMzansi banethezeke kakhulu.

Utshele iBunda News ukuthi abadlali baseNingizimu Afrika kufanele baphume endaweni yabo yokunethezeka futhi babe nesifiso sokwenza ngcono.

“Okokuqala, kufanele ube nesifiso sokwenza ngcono,” etshela iBunda News.

Uthe ukuze uzenzele igama emhlabeni, kufanele uphume endaweni yakho yokunethezeka.

“Ngokubona kwami, abadlali baseSouth Africa banokunethezeka kakhulu ekhaya kanti abadlali baseNigeria bayathanda ukuziphosela inselelo.” usho kanje.

U-Okocha uphinde wathi abadlali baseNingizimu Afrika kufanele bavule ingqondo yabo uma befuna ukuphumelela phesheya kwezilwandle.

“Kunjalo, uma ufika ezweni elithile njengeGermany, kufanele uzame ukuxhumana nabantu futhi uqonde isiko lakhona ukuze izinto zikuhambele kahle,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.