
Ngu: Hloniphile Lembede
UMasipala waseMzinyathi uzoqhuba uhlelo lokwakha izindlu zangasese ngaphansi komkhandlu waseMsinga.
Lokhu kuvele emhlanganweni osanda kubanjwa phakathi kukaMeya yaseMzinyathi uThembisile Mchunu namakhansela woMkhandlu waseMsinga.
Enkulumweni yakhe, uMchunu uveze ukuthi uMzinyathi uzohlinzeka ama-ward angaphezu kweshumi ngezindlu zangasese ezingalinganiselwa ku-500.
Lokhu kuza njenge siqalo sika-phase 2, lapho kuzophothulwa khona amawadi ayesalile ngesikhathi kuqhutshwa uhlelo lokuqala lwezindlu zangasese.
Ngaphezu kwalokho, uMeya wethule ithimba elisebenza ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Road Asset Management System (RAMS), elibhekene nokuhlola izimo zemigwaqo kuzo zonke izindawo zesifunda.
Uchaze ukuthi ithimba seliwuqedile umsebenzi eNquthu, manje selizoqala futhi umsebenzi eMsinga.
Amakhansela aseMsinga awushayele ihlombe umsebenzi woMzinyathi oholwa uMchunu, achaza ukuthi ukubona befikelwe imeya mathupha kubuyise ithemba elikhulu, njengoba sekunesikhathi eside bengabonani noMzinyathi.
UMchunu uphinde wagcizelela ukuthi nakuba uMasipala waseMzinyathi usangaphansi kukaSection 139 okubuye kwenze ukuthi bengazithatheli izinqumo kakula njengoMkhandlu kodwa bazozama ngakho konke okusemandleni ukuthi intuthuko ifinyelele kubantu, ikakhulukazi ngoba uMasipala usukwazile ukuthola i-funded budget emva kweminyaka eminingi ungayitholi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
