
Ugingqigongqo phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates njengoba lamaqembu amabili ebanga isicoco seBetway Premiership.
IPirates ibuyele esicongweni ngemuva kokushaya iRichards Bay ngo-2-0. Amagoli eBucs eze no-Oswin Appollis no-Evidence Makgopa okube yiphenathi.
IPirates ibuyela nje esicongweni ibisisukile emva kokuthi iDowns ishaye i-Orbit College ngo 2-0 ngoLwesibili.
Ngendlela umbango phakathi kwalamaqembu oshube ngayo sekucacile ukuthi iqembu elizonqoba iligi lingase laziwe ngosuku lokugcina lemidlalo.
Kanti phambilini kule minyaka edlule iDowns ibivele icacise kusasele inqwaba yemidlalo ukuthi isisithathile isicoco.
Phezu kokuzimisela kweBucs kodwa abahlaziyi abaningi basabona iDowns ingase isithathe isicoco ngenxa yamava ayo.
Ngakolunye uhlangothi, iBucs nayo ayizibekile phansi kanti ikhombise zisuka amadaka ukuthi ifuna ukukuqeda ukukhonya kweDowns kule sisizi.
Ngaphandle kokugaqele iligi, iPirates ibivele iyiqembu elinamandla ngoba ibivele izinqoba ezinye izindebe iminyaka ilandelana bese kusele kona ukuthi inqobe iligi.
Ngisho nayo iDowns iyayihlonipha iBucs ngoba iyazi ukuthi ayigayelwa mphako enkundleni.
NgoLwesibili umqeqeshi weDowns uMiguel Cardoso, ukhale ngokuminyana kwemidlalo yabo.
IDowns inengcindezi njengoba ibhekwe ukuthi iphinde ithathe isicoco seligi iphinde yenze kahle nasemdlalweni yeCAF championship league.
Umqeqeshi we-Bucs u-Abdeslami Ouaddou uthi kuyiphupho lakhe ukunqoba isicoco seligi.
“Kumanje silwela ukunqoba umdlalo no- nomdlalo ngoba yonke imidlalo inzima kuBetway kanti kukhona namaqembu abalekela izimbe nawo afuna ukunqoba ngenkani,” usho kanje.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
