Osomabhizinisi baseMsinga bakhalise imindeni eshonelwe izihlobo zayo


Ngu: Mduduzi Mbangayiya


Usihlalo waMabomvu neMatimatolo Taxi Association ophinde abe ngusomabhizinisi uQhofo Ngcobo uvakashele imindeni yabashonelwe eMsinga emva kokumuka emfuleni eyobhonga emswaneni.
UNgcobo ehambisana nabanye osomabhizinisi kubalwa uSilo Ngubane noSifiso Chonco bafike baphosa esivivaneni ngokunikela ngokudla kule mindeni esemanzini. Bayisithupha abantu abamuka nomfula kulo mshophi.

Oyedwa namanje akakatholakali. UNgcobo uhlabe ikhwelo kumnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ophethwe uMnuz Sboniso Duma ukuthi usukumele udaba lwamabhuloho eMsinga. “Sekubonakele ukuthi kunengozi enkulu ngalomgwqo onguP17 njengoba ungaqali ukubulala abantu ngoba sizokhumbula ukuthi nango-2019 kwashona othisha base mBizimali High School emfuleni iemNadi,” kusho uNgcobo.

Unxuse uDuma ukuba alusukumele phezulu udaba lwamabhuloho amancane agcwele kulomgwaqo u-P17. Lo mgwaqo uhlanganisa uMvoti, uMsinga neNkandla. UNgubane utshele IBunda News ukuthi sebethembele emathimbeni emkhandlwini waseMzinyathi, umasipala waseMvoti, nowaseMsinga, asaphume inqina athungatha umzimba womuntu oyedwa osadukile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.