
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda Esikhawini igwebe indoda eneminyaka ewu-28 udilikajele ngecala lokudlwengula indodakazi yomfowabo eneminyaka ewu-8 Esikhawini ngo-2023.
Ummangalewa unguyise omncane kamgilwa futhi bebehlala egcekeni elilodwa.
Ummangalewa ubevame ukuthi abizele umgilwa egumbini lakhe amdlwengule uma abanye bomndeni bengekho.
Ummangalelwa ubevame ukumsongela umgilwa athi uzomshaya noma uma ebika kuzoboshwa yena umgilwa. Umgilwa wagcina eba nokugula okuthile okudalwa wukudlwengulwa. Ngo-December 2024 umgilwa wavakashela unina ohlala kwenye indawo. Unina kamgilwa waqaphela ukuthi kukhona okungahmabi kahle ngendodakazi. Unina kamgilwa wayibuza indodakazi yakhe yabhoboka yamlandisa ngokudlwengulwa wuyise omncane. Umgilwa wayiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre (TCC) wayolashwa kwase kubikwa udaba emaphoyiseni. Kwagcina ngokuthi ummangalewa aboshwe esekhaya lakhe.
Udaba selusenkantolo, uMshushisi uKamogelo Mahila Nkwatle ubize ofakazi okungumgilwa nonina owabikelwa kuqala. Kubizwe nodokotela owahlola umgilwa wafakaza nangombiko i-J88. Inkantolo ilandiswe kabanzi nangendlela isigameko esimhlukumeze ngayo umgilwa. Lokhu kuvele ngesikhathi kufundwa isitatimende sikamgilwa asibhale eluswe wuNtombi Chonco oyi-Court Preparation Officer. Umgilwa uthe usathuthumela, uhlukumezekile emqondweni nasemoyeni. Uthe usenakho ukugula okwaqala emuva kwesigameko.
Ummangalewa ugwetshwe udilikajele. Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
Inkantolo ithe igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iyasemukela isigwebo. Impi yokuwa nodlame lobulili ingene kwelinye igiya njengoba kwandiswe amaThuthuzela Care Centre ezweni esuka ku-55 ngo-2020/2021 aya ku-66.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
