
Ngu: Minenhle Mpembe
Emva kocwaningo lwesikhungo semfundo ephakeme i-University of Free State yokuthola ukuthi kukhona amaqakelo atholakale enamakhemikhali lokho kushiye abesifazane bedidekile bengazi ukuthi kumele basebenziseni.
Izitolo ezidayisa ngezinto zokuhlanzeka zabantu besifazane zibe sezikhipha iseluleko sokuthi basebenzise ikopi lokuya esikhathini.
Abesifazane babe nemibono eyahlukene, abanye bekhala ngenani elibiza ikopi lokuya esikhathini.
Usokhemesi wase-Clicks, uZinhle Gwamanda, uthi lendaba yamakopi okuya esikhathini kusase indaba entsha futhi basalinde umbiko kubathengi ukuthi abaphethe kanjani.
“IClicks okwamanje ithule amaphenti awashwayo okuya esikhathini okwaziyo ukuthi uwawashe emva kokuwasebenzisa,” kusho uGwamanda.
Omunye wabesifazane othikamezekile kulendaba, uZandile Cele uthi akahambisani nokusetshenziswa kwamakopi okuya esikhathini ngoba kungadala ukutheleleka kwamagciwane njengoba kuzodinga ukuthi agezwe.
“Abanye abantu besifazane bahlala ezindaweni ezinenkinga yokungabi namanzi ahlanzekile, amakopi abukeka engekho lula ukuwasebenzisa,” kusho uCele.
U-Ursula Wesenaar uphawule ngokuthi njengoba uphenyo lusaqhubeka, uthathe isinqumo sokuthi ajove ngesibulala-kukhulelwa ukuze angeke aye esikhathini kuze kuyaqedwa ngophenyo.
I-National Consumer Commission isaxoxisana nabahlinzeki bezinto zokuhlanzeka zabantu besifazane ukuqinisekisa ukuphepha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
