
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Isobishini iMeya yaseNdumeni uMncedisi Mkhize emva kwezinsolo ezithi wehlise ngemlenze inkece okwakumele isize abakhahlanyezwe izikhukhula nyakenye.
Lezi zinsolo zenze ukuthi sishubile isimo kulo masipala waseDundee.
Kuthiwa le mali okusolakala ukuthi yehliswe ngomlenze ibalelwa ku-R800 000 kanti yabe ikhishiwe uNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
Imithombo idalula ukuthi ngendlela isimo esishube ngayo kukhona usopolitiki asebemfuna exoshiwe.
“Okuvuse amehlo kuqale kwaba izipontshi ezishibhile ongasiphephetha ngomlomo sinyamalale ngendlela ezincane ngayo ezinikelelwe imindeni yaseDundee eyakhahlanyezwa izikhukhula nesiphepho.
Sekukonke okuthiwa kunikelelwe le mindeni kuhlanganisa nalona wentombazane eyanyamalala izinsuku ngemuva kokumuka ebusuku, imali yakhona ayidluli ngisho ku-R100 000. Kodwa imali esetshenzisiwe kutholakala ukuthi icela ku-R800 000,,” kusho umthombo.
Udalula nokuthi esinye sezikhulu abasebenza naso eMnyangweni wakwaTechnical sesiphoqwe ukuba sesule emsebenzini ngoba kusatshelwa ukuthi sizocula ngale mali eyaphuma.
Omunye umthombo uthi namakhansela adinwe ayafa ngoba asuke ahletshelwa esinye sezikhulu ukuthi omunye wozakwabo uyena oshaqe le mali.
“Sihabule ukuthi amanye amakhansela azijubile kulo mhlonishwa eyocela ukuthi abaphe noma imali kaphethiloli ngoba sebeyazi ukuthi uyicoshile inkece.
Bahletshelwe nokuthi lo mhlonishwa usethenge negalaji likaphethiloli eGlencoe kanye nethilomu eMnambithi nokusolwa ukuthi ugcwalisele ngayo le mali. Yenake imali uyibiza ngegama akadlali. Futhi akalawuleki ngoba neqembu lakhe lezepolitiki lizwa ngaye,,” kuchaza omunye umthombo.
Ikhansela leDA uMohamed Saleem Abdool uthe bakhathasekile ngalezi zinsolo
U-Abdool uthe ngemuva kophenyo abalwenzile bathole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngezimpahla ezahlinzekwa kwabakhahlanyezwe izikhukhula.
Uthe lolu daba bzoluqapha ngeso lokhozi ukwenza isiqiniseko sokuthi bonke abangenzanga kahle bathathelwa izinyathelo.
Uqhube wathi kwenziwe izincomo zokuthi imenenja yomkhandlu uMartin Sithole kumele ayovula icala emaphoyiseni.
Imizamo yokuthola uMeya waseNdumeni uMkhize ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
