Amaphoyisa omkhandlu akhuculula amaphara emgwaqweni eMbilo

Ngu: Nonkululeko Mazibuko

Amaphoyisa omkhandlu weThekwini aqinise umkhankaso wawo wokukhuculula amaphara emgwaqweni uChe Guevara eduze kwaseUmbilo, kulandela izikhalo ezivela kubahlali nosomabhizinisi.

Kuthiwa abantu abaningi abangenamakhaya bebebeka amatende nezindawo zokulala eduze komgwaqo, okudale ukungcola kanye nokukhathazeka ngokuphepha.

Amaphoyisa asuse amatende nezinto ebezisetshenziswa njenge ndawo yokuhlala ukuze kuhlanzwe indawo futhi kuphephe kubashayeli bezimoto.

Omunye umhlali uthe: “Bekunzima ukudlula lapha ngoba indawo ibingcolile futhi kwesinye isikhathi bekusabisa.”

Omunye umuntu ohlala emgwaqweni uthe: “Ukusisusa akuxazululi inkinga ngoba asinayo enye indawo esingaya kuyo.”

Abanye abahlali bathi lesi sinyathelo sizosiza ekubuyiseni ukuphepha nokuhlanzeka endaweni, njengoba bekunesikhathi eside bekhala ngesimo esikhona kulo mgwaqo.

Kodwa-ke, kukhona abathi kudingeka izixazululo zesikhathi eside ezifana nokwakhiwa kwezindawo zokuhlala abantu abangenamakhaya kanye nezinhlelo zokubasiza ukuphila impilo engcono.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *