Ingwazi ikhathezekile ngoNkotha eSaudi Arabia

Insephe endala ye-Orlando Pirates uLebogang Mokoena iluleka uMohau Nkota ngokuthi kumele abuyele kweZimnyama njengoba ephikwa izinto  eqenjini laseSaudi Arabia  i-Al Effifaq .

UNkota ujoyine leli qembu ngokuqala kwesizini edlule lapho eqale kahle ukudlala njengoba isimo simjikela kamuva.

Kumanje isekhuhla ibhentshi noma aqale umdlalo ehlezi ebhentshini lokho kubonakala kumfake ingcindezi enkulu lomdlali weBafana Bafana.

“Kuzokhumbuleka ukuthi yNkota ungomunye wabadlali abancane abanekhono elisimangaliso nikusabhekwe lukhulu kuyena ekusizeni iqembu lesizwe iBafana Bafana endebeni yomhlaba ezoba USA, Mexico naseCanada.

Mangabe eqiwa yijezi kuleliqembu lakhe i-Al Effifaq kuzomlahlekisela ngendawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana  agcine eyibuka ku-TV indebe yomhlaba, ” kusho uMokoena.

Uthe into engamsiza lo mdlali ukuthi avele abuyele kweZimnyama.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.