
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Usomabhizinisi waseMabomvini esigodini saseNqoleni uSilo Ngubane uphunduke iqhawe ngukuthungatha abantu abamukile nomfula wathola izidumbu ezinhlanu kwashoda esisodwa.
UNgubane wenze okungajwayelekile ngesikhathi ethola umbiko wokuthi khona abantu abamukiswe ngumfula imfenebude.
Lo somabhizinisi uphuthume eMabomvini lapho kudaleke khona umonakalo wacela abamaphoyisa nabatshuzi.
Uhambo lukaNgubane luqale kule mfula baguduza umfula imfenebude badlulela eNadi River baqhubeka baguduza umfula iNgubemvu balokhu beqhubekile baze bagudla umfula uthukela baze bathola izidumbu zabantu ababili ngosuku lokuqa.
Baphinde baqala usuku lwesibili bethungatha izidumbu bagcine bezithole emfuleni Uthukela phakathi kwaseNkandla naseMakhabeleni esigodini sakwaDindi lapho bethole izidumbu ezimbili.
Njengoba bese kungusuku lwesine bethungatha izidumbu bagcine besitholile esinye emfuleni iNgubemvu esigodini saseNhlonga luvalo.
UNgubane uphenduke iqhawe njengoba ekhombise ubuhlakani nobuholi ngoba akalindanga uhulumeni nomasipala wendawo.
Umphakathi waseMabomvini uncoma ubuqhawe nobuholi bakhe nethimba lakhe abehamba nalo, kuhlanganisa nabatshuzi abamlekelele ngomsebenzi wabo omuhle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
