Inkakha icebisa ophikwa amagoli ngokuyokwenza itiye ekhaya

U-Andries Sebola oyingwazi ye-Orlando Pirates  uthi uYamela Mbuthuma kuzomele ayokwenza umsebenzi ekhaya khona ezobuyelwa inhlanhla yokushaya amagoli.

Lomgadli ulahlekelwe ngukhiye wokushaya amagoli selokhu afika eqenjini leOrlando Pirates  esuka eqenjini leRichard Bay FC. 

“Kujwayelekile okwenzeka kuyena njengoba engumdlali osemncane noqhamuka emaphandleni lapho kugcinwa amasiko,” kusho uSebola.

UMbuthuma uphikwa ngamagoli noma umqeqeshi we-Orlando Pirates Abdeslami Ouaddou eqala ngaye kubadlali abangu 11.

Lomqeqeshi uhlala emvikela njalo olakeni labalandeli  bePirates abashaya amakhala ngalomgadli waseHarding.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMbuthuma waveza ohlelweni lwePirates lapho athi yena washiywa ngabazali bakhe kugogo wakhe bangaphinde babuya ekhaya  kusukela emncane, wakhuliswa ngugogo wakhe obesebenza emajalidini.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.