Kumangalelwe abeChess ngokusolwa ngokukhipha inyumbazane ezabokufika



Abazali bezingane zabokufika kuleli sebemangalele inhlangano yase Ningizimu Africa yeChess ukuthi ayifuni abantwana babo badlale emdlalweni yokuhlungela ama-Olympics.
Labazali bafake amaphepha enkantolo enkulu eKapa ukuthi kunyelwe izingane zabo zidlale emdlalweni yokuhlunga ama-Olympics.


IBunda News linawo amaphepha athunyelwe yilabazali bokufika enkantolo.
IBunda News lixoxisane nephini lika mengameli weChess uLindokuhle Ngubane ophinde and nguMengameli weKwaZulu-Natal Chess.


Ushaye ngamafuphi wathi ngomthetho waseNingizimu Africa ayikho ingane yangaphandle evumelekile ukudlala imidlalo yokuhlungela ama Olympics kodwa bangadlala abantwana kweminye imidlalo ekhona eNingizimu Africa hhayi ethinta izwe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.