
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda eScottburgh igwebe uBongani Mzonjani Gumede (36), iminyaka ewu-10 ejele ngemuva kokuhlambuluka evuma icala ngokuka-Section 105A of the Criminal Procedure Act 51 of 1977. UGumede uvume icala lokwephula umthetho Section 3(1) of the Criminal Matters Amendment Act 18 0f 2015, okhuluma nokuphazamisa ingqalasizinda esemqoka. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Icala lenzeka eMpambanyoni Bridge, eScottburgh.
Ngo-24 November 2023, uGumede wabhadanywa abaqaphi ngesikhathi esika amakhebuli kaTelkom emgodini. Wabaleka ngemoto kodwa wahujwa amaphoyisa i-K9 Unit esebenzisana nabaqaphi. Waboshwa watholwa namakhebuli kaTelkom. Umonakalo owadaleka kumakhebuli ubalelwa kuR 137 000. Kusolwa ukuthi uGumede wayenabanye abalisa ngesikhathi egila lo mkhuba. Ngesikhathi ehlambuluka yena, icala lehlukaniswa nalaba abanye.
Abanye abalisa bazobuyela enkantolo ngo-12 March 2026. Ngesikhathi sesigwebo, uMshushisi uHarry Du Plessis wethule umbiko ohlanganiswe wumsebenzi waseTelkom owungoti wokuhlonza impahla yakhona nokubala umonakalo. I-National Prosecuting Authority, inethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.
Ukuphazamisa ingqalasizinda kuyicala elibomvu futhi kuphazamisa ukuxhumana komphakathi namabhizinisi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
