
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe owesifazane oneminyaka ewu-22 udilikajele emuva kokuhlambuluka evuma icala lokubulala usana olunonyaka Osizweni ngo-October 2025.
Ngo-12 October 2025, usana lwalunabazali balo.
Uyise wosana wahamba walushiya nonina bedlala. Uthe uyise esebuya wafica unina wosana elugonile kodwa lunganyakazi. Lwaluthule lunganyakazi ngisho lushintswa inabukeni.
Ngesikhathi unina wosana ethi ufuna ukuhamba, uyise walo wathi akaqale aluvuse ngaphambi kokuhamba. Usana lwalulokhu lunganyakazi nokwaholela ekutheni asole ukuthi lushonile. Uyise wosana waphuthuma wayobiza omakhelwane ukuthi bazombukisa, nabo bafika basho ukuthi usana lushonile. Kwabizwa i-ambulensi namaphoyisa nawo bafike baqinisekisa ukuthi usana lushonile. Unina wosana waboshwa khona lapho. Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu uveza ukuthi usana lubulawe wukuncishwa umoya wokuphefumula.
Ngesikhathi udaba selusenkantolo, unina wosana wavuma icala lokubulala walandisa ngokuthi ukwenze lokhu ngoba exabene noyise wosana. Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, uthe unina wosana ubengenza ngenye indlela esikhundleni sokuthi alubulale. Kuvele ukuthi ubengaluhambisa usana kwabezenhlalakahle noma luthathwe abanye abalufunayo. Uyise wosana ubewufakazi wombuso, uveze ukuthi usathuthumela ngenxa yesigameko futhi akasawethembi abesifazane.
Ngaphezu kwesigwebo sikadilikajele, inkantolo ithe lo wesifazane kafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Abashushisi abebesebenza udaba wuMarion Willis-Smith noKhethiwe Kunene. I-National Prosecuting Authority (NPA) izimisele ukugcina umthetho ngaphandle kokwenzelela nokwesaba. I-NPA izoqhubeka ivikele amalungelo abantu ikakhulukazi izingane nabanye ababuthaka. Abazali banejoka lokuvikela izingane zabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
