
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze ukhale ngokungabikhona kwabadlali ababili ababalulekile ngemuva kokushaywa iRichards Bay ngo 1-0.
Igoli enqobe ngalo iBay lishaywe ngoThulani Gumede ngesiwombe sesibili.
Abadlali abababili umqeqeshi akhala ngokungabibikho kwabo nguZitha Kwinika, onamakhadi amabili, no-Inacio Miguel, olimele.
IKaizer Chiefs isidliwe imidlalo emihlanu ilandelana, eqale ngeZamalek SC, Stellenbosch FC kabili, Orlando Pirates, kanye neRichard Bay FC.
UKaze uthe bawuqale umdlalo ngamandla, kodwa bagcina sebehlisa ngemuva kokungenelwa igoli.
Uthe: “Siyadumala ngokungabikho kwabadlali ababalulekile, kodwa asikwazi ukushintsha lokho. Kufanele sigxile emdlalweni olandelayo futhi sithuthukise umdlalo wethu.”
UBrain Baloyi, oyingwazi yeKaizer Chiefs, umunwe uwukhomba kubaphathi beqembu njengoba bethatha kancane indaba yokuthola umqeqeshi omusha.
Ukhale ngokuthi abaqeqeshi ababambile kumanje, uBen Youssef no Cedric Kaze, bahlulwa ngumsebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
