Iyandlondlobala iMM’s Fun Run eKokstad

Ngu: Andile Moshoeshoe

Okuqale njengo kugijima kokuzijabulisa okuncane phakathi kweqembu elincane labantu edolobheni sekukhule kwaba ngomunye wemijaho yokuzijabulisa elindelwe kakhulu futhi egujwa kabanzi esifundeni.

I-MM’s Fun Run yaqala njengo hlelo lokuziqeqesha olungakahleleki olwaluhlelwa nge-WhatsApp, olwaqhubeka ngokushesha lwathola umfutho futhi lwaheha intshisekelo enkulu emphakathini.

Lo mcimbi ohlonishwayo nolindelwe ngabomvu uzodinga ukuvalwa okwesikhashana kwemigwaqo ethile eKokstad ngoMgqibelo ngemuva kokuqala kwemarathon.

Lo mcimbi usuvele udale isasasa elikhulu, njengoba sekubhalise ngokusemthethweni ababambiqhaza abangaphezu kuka-400.

Nokho, abagijimi abangabhalisanga abangakwazanga ukuhlangabezana nosuku lokuvala ukubhalisa bazovunyelwa ukubamba iqhaza, kodwa ngeke bakwazi ukuthola ama-T-shirt okugijima amahhala nezinye izinzuzo ezihambisana nalokho.

I-MM’s Fun Run imele uhlelo lwamasu oluhlose ukukhuthaza ezokuvakasha kanye nokufaka isandla esibonakalayo emnothweni wendawo ngezinhlelo ze-Local Economic Development ngaphansi kukaMasipala Omkhulu waseGreater Kokstad.

Ngaphezu kwalokho, lo mcimbi usebenza njengenkundla ebalulekile yokukhuthaza ubumbano emphakathini, ukuthuthukisa ezemidlalo, kanye nokugqugquzela izindlela zokuphila ezinempilo nezisebenzayo kubahlali bomphakathi.

Ekhuluma ngesikhathi sokwethulwa ngokusemthethweni kwe-MM’s Fun Run, iMenenja kaMasipala waseKokstad, uSipho Zwane, wachaza ukuthi ngemuva kokwabelana ngohlelo lwakhe lokuziqeqesha olungakahleleki ku-WhatsApp, wathola izingcingo eziningi kubantu ababenikeza iziphakamiso zokuthi lo mbono unwetshwe.

“Ngemuva kwalokho, ababambiqhaza abaningi bahlangana ukuze kusungulwe uhlaka olusemthethweni, okuholele ekutheni lo mjaho uhlelwe,” kusho uZwane. Uphinde wabonga kakhulu abaxhasi abazinikele ngokuzithandela ukweseka ngaphandle kokuthi bacelwe ngokusemthethweni.

UZwane uphinde wadlulisa ukubonga kwakhe kumakhansela ngokwamukela lolu hlelo, waveza ukuthi kunezinhlelo zokwenza lo mcimbi ube yinto eyenzeka minyaka yonke, futhi kubekelwe wona isabelomali unyaka nonyaka. Wengeze ngokuthi ababambiqhaza bazovela ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo iTheku, uMthatha, Matatiele, Flagstaff, Lusikisiki, Johannesburg, Mbizana, kanye naso sonke isifunda saseHarry Gwala.

IMeya yaseKokstad, uLwanda Madikizela, ikhuthaze izakhamuzi ukuthi zamukele izindlela zokuphila ezinempilo, yaveza ukuthi naye uqobo uzobamba iqhaza emjahweni wama-khilomitha amahlanu.

Uphinde wamemezela ukuthi iPhini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda, uSihle Zikalala, uPhumzile Mgcina oyiPhini likaNgqongqoshe Wezokumbiwa Nezinsiza Zikawoyela, uSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natali, uNontembeko Boyce, iCEO yeHarry Gwala Development Agency, uQiniso Mnguni, kanye neMeya Yesifunda, uZamo Nxumalo, nabo bazoba phakathi kwabazobamba iqhaza.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.