
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda Eshowe igwebe indoda eneminyaka ewu-43 udilikajele ngokudlwengula umshana wakhe ophazamisekile emqondweni eBabanango ngo-2020.
Umgilwa nommangalelwa babehlala emzini eyakhelene. Ngosuku lwesigameko, ummangalelwa wathuma ingane yakhe yabiza umgilwa weza kuye endlini. Kuthe uma umgilwa efika, ummangalewa wambeka embhedeni wamdlwengula wase ethi akahambe aye kubo. Umgilwa esebuyela ekhaya wahlangana nonina wambikela ngesigameko. Umgilwa wayiswa esibhedlela kwase kubikwa udaba emaphoyiseni.
Ummangalelwa waboshwa kodwa icala lahoxiswa kusalindwe imiphumela yolibofuzo. Kuthe uma isibuyile udaba lwabuyiselwa enkantolo.
Umshushisi uNomthandazo Mkhize ubize ofakazi okungumgilwa nonina. Kwethulwe nombiko kadokotela i-J88 nomphumela wolibofuzo. Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile, wethule isitatimende sikanina kamgilwa asibhale eluswe wu-Amanda Pretty Nxumalo. Isitatimende siveze umonakalo odalwe yisigameko kumgilwa, kuvele ukuthi udonsa kanzima esikoleni. Unina kamgilwa uvez enokuthi umgilwa usehlala enenhliziyo encane. Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngokudlwengula. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizifakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-National Prosecuting Authority (NPA) inethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye. Umphakathi unejoka lokuvikela izingane. Ummangalelwa usebenzise budedengu ukwethenjwa kwakhe emndenini. I-NPA izibophezele ukulwa nesihlava sokunukubeza ngokocansi kujeziswe izephulamthetho.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
