
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Inkakha yeKaizer Chiefs uTshepo Chester Masilela iphonsela inselelo abaqeqeshi beMpofana ukuba babophele u-Ethan Chislett emdlalweni womkhaya waseSoweto abazowudlala neOrlando Pirates eFNB ngoMgqibelo.
Lomdlali ukhombise izinga eliphezulu kakhulu eqala ukudlala washeshe wazifaka ezinhlizweni zabalandeli beKaizer Chiefs abangawuvali umlomo ngezinga alikhombise emdlalweni weBetway Premiership League obuse FNB Stadium phakathi kweKaizer Chiefs neStellenbosch FC.
UChislett ubelindwe yizinkumbuli zabalandeli beKaizer Chiefs kodwa engadlali ngenxa yokuthi abaqeqeshi bathi ulimele.
Omunye umdlali ongakaqali ukudlala kuKaizer Chiefs uNkanyiso Shinga odlala emuva naye ongakadlali nowodwa umdlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
