Umphakathi waseSikhaleni ukhala ngephunga lendle elivimbanisa olwandle

Ngu: Samke Miya

Umphakathi waseSikhaleni enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal ukhala ngephunga lendle eseliphazamisa nabantu abasuke bezithokozisa olwandle.

Abakhelene nolwandle laseSkhaleni  bayakhala nge-pump station eyakhiwe ngasolwandle okubikwa ukuthi isineminyaka engaphezulu kwemithathu ingasebenzi ekubeni lendawo iyona eyayilekelela ukuhlanza indle ukuze  amanzi angenelela olwandle agcine ehlanzekile.

Kubikwa ukuthi awukho nowodwa umshini osebenzayo kule pump station okwenza ukuthi kube nephunga lendle.

Okuzwise umunyu kumalunga omphakathi ukuthi babhukuda kulolu lwandle kodwa ipump station idedelela udoti khona futhi abawaziyo ukuthi umana-chemical nokugcola okusuka emathoyilethi.

Ilungu lo mphakathi elicele ukuba lungadalulwa lithe jonke okuyizinsiza kusebenza akukho nokukodwa okusebenzayo, lengeza ngokuthi sekuze kwakheka ngisho udaka olungagqiba umuntu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.