
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
IMamelodi Sundowns ithembisa ukuthi izodedela induku engasukumi phansi kumaZulu FC uma sezidudulana kumdlalo obhekwe ngamehlo abomvu weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngo-19:30.
Lo mdlalo uza ngemuva kwezitatimende zikamongameli woSuthu, uSandile Zungu, zokuthi iqembu lakhe linabalandeli abaningi kunamaqembu amakhulu aseSoweto.
Kodwa umdlali wasemuva we-Mamelodi Sundowns, uKhulumane Ndamane akugqizi qakala lokho, uthi iqembu lakhe alisabi ngisho nomdlali oyedwa woSuthu.
“Akekho umdlali waMaZulu FC oyingozi kithina,” kusho uNdamane.
“Sizimisele ngokuwina umdlalo, futhi asiboni muntu ongasisabisa.”
Lawa mazwi kaNdamane anika umdlalo wanamuhla ingqikithi eyengeziwe, ikakhulukazi uma kubhekwa umlando wala maqembu.
AmaZulu FC kudala agcina ukushaya iMamelodi Sundowns, okwenza umdlalo wanamuhla ube yithuba elihle lokuthi i-Usuthu luzame ukuphula leso siqalekiso.
Abathandi bebhola balindele umdlalo ojabulisayo futhi ogcwele intshisekelo njengoba AmaZulu ezobe efuna ukubuyisa isithunzi sayo akhombise nokuthi izitatimende zikamongameli wawo azilona nje iphupho.
Ngakolunye uhlangothi, i-Sundowns izobe ifuna ukuqinisa amathuba ayo okuthi isafuna ukudla isicoco seligi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
