
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Ziyalankanyana izinkinga kuMkhandlu waseMzinyathi maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngemuva kokuvela kwezinsolo ezithi izikhulu zalo mkhandlu ikakhulukazi iMeya uThembisile Mchunu nemenenja uMlungisi Ntanzi baqasha labo abasondelene nabo.
Kuvela imibiko ethi eMzinyathi kugcwele izihlobo zikaMeya, kuthiwa ngisho i-PA yakhe indodakazi yakhe umhloniswha.
Kunezinsolo futhi ezithi uNtanzi naye uqashe isinqandamathe sakhe.
Kwenzeka lokhu nje, lo mkhandlu usobishini njengoba uphenywa uphiko olukhethekile iSpecial Investigating Unit (SIU) mayelana nezinsolo zenkohlakalo ethinta izikhulu kubalwa nezinye esezahamba.
IBunda News lihabule ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi abaphenyi beSIU sebeke bafika eMzinyathi bafike bacela imiqingqo ethile.
Lolu phenyo lweSIU luthinta abantu abaningi izikhulu kanye nosonkontileka.
Ithintwa ngezinsolo zokuqashana ngokobuhlobo kwezikhulu, osebenza kuphiko lwezokuXhumana eMzinyathi uNkk Thandeka Ngobese ucele ukuba anikwe ithuba ukuze bezokhipha isitatimende esisemthethweni.
Kuphele usuku lonke engabuyi nempendulo, kuthe uma esekhunjuzwa ngomyalezo ngabekuthembisile wawuhlaba inhlali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
