
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UMkhandlu iHarry Gwala District wethule ngokusemthethweni iHarry Gwala Marathon okuwumjaho obalulekile ozokhuthaza ezemidlalo esifundeni.
Amanxusa omjaho adumile okungoBongumusa Mthembu, Thobani Chagwe, noJenet Mbhele, akhulume ngazwilinye, ecacisa isidingo esikhulu sokuthi uMkhandlu waseHarry Gwala kanye nomasipala abangaphansi kwawo babambe iqhaza elibonakalayo ekwesekeni abasubathi abasafufusa.
Lamanxusa agcizelele ukuthi umkhandlu kufanele uqale ubheke futhi weseke labo basubathi abasemazingeni aphansi, esikhundleni sokugxila kuphela kubasubathi asebevele bephumelele.
“Kumele sibaphe omphini kusenesikhathi, singalindi baze bavele emikhankasweni yabezindaba,” kusho elinye lamanxusa. Lokhu kukhala kubonisa ukubaluleka kokwakha isisekelo esiqinile esizoqhubekisela phambili ithalente lezemidlalo esifundeni.
IHarry Gwala Marathon kulindeleke ukuthi ingagcini nje ngokukhuthaza ezokugijima, kodwa futhi inikeze inkundla yokuthi abasubathi abasha baqhakambe.
Manje, amehlo abheke kuMkhandlu waseHarry Gwala District ukuthi uzosabela kanjani kulezi zicelo nokuthi uzokwakha kanjani amathuba angokoqobo athuthukisa amaphupho abasubathi bendawo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
