ULeon ucekele phansi iPirates emzamweni wokunqoba iligi

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

Umgadli waseColombia, uBrayan Leon Muniz, ube yiqhawe leMamelodi Sundowns FC njengoba amagoli akhe amabili asheshayo esiwombe sokuqala efake ithemba lokunqoba emdlalweni obushubile phakathi kwe-Sundowns ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo obuwukapondo weBetway Premiership League, udlalelwe e-Orlando Stadium eSoweto, futhi uphethe ngokunqoba kwe-Sundowns ngo 2-1.

Umdlalo uqale ngesivinini esiphezulu, zombili izinhlangathi zikhombisa inhloso ecacile yokunqoba. Kodwa kwaba yi-Sundowns eyathatha intambo lapho uMuniz elawula kahle ibhola elimnandi eliphuma onyaweni lukaNuno Santos ngomzuzu wama-37, walishaya ngamandla laphikelela enethini ngaphandle kokudonsa isikhathi. Amapirates ayengakamili kahle esitheni, kwathi emizuzwini emine nje kamuva, uMuniz uphinde waba umlingisi omkhulu. U-Aubrey Modiba umphakhele kahle ibhola elidlule izitobha zePirates, uMuniz waligudluza kahle walishaya ngaphakathi, efaka igoli lakhe lesibili ngomzuzu wama-41. La magoli amabili asheshayo ashiye i-Bucs imangele. Kuyiwe ekhefini iDonws ihamba phambili ngo-2-0.

Isiwombe sesibili sibone i-Orlando Pirates ibuya ngamandla amasha, icindezela kakhulu ukuze ibuyele emdlalweni. Umzamo wabo wakhokhela ngokushesha, lapho uPatrick Tito Maswanganyi ehlohla igoli elihle ngomzuzu wama-47, ngemuva kokuthola ibhola ebelivela kuYamela Mbuthuma. Leli goli linikeze iPirates ithemba lokubuyela emdlalweni, futhi bathola amathuba amaningi okulinganisa.

Ngemuva komdlalo, umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslami Ouaddou, uzwakalise ukunganami kwakhe ngendlela abadlali bakhe ababedlale ngayo esiwombeni sokuqala. Uthe abadlali babengenelwe yigoli lokuqala, bagebisa amakhanda, okwenza kwabalula ukuthi iMamelodi Sundowns FC ishayele isigoli sesibili. Noma kunjalo, u-Ouaddou ugcizeleise ukuthi ukuhlulwa yiMamelodi Sundowns FC akusho ukuphela kombango wokunqoba iBetway Premiership League ekupheleni kwesizini.

Umdlalo uphele iMamelodi Sundowns FC iwatholile amaphuzu amathathu abalulekile. Ngalokhu kunqoba, i-Sundowns ikhuphukele emaphuzwini angu-35 emidlalweni engu-16 edlaliwe, kanti i-Orlando Pirates isahlezi esicongweni seligi ngamaphuzu angu-38 emidlalweni engu-17.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.