
Ngu: Thandeka Ngobese
Abantu baseMsinga badele ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni ukuzozizwela ukuthi umhlonishwa umeya uzowaletha kanjani amanzi.
UMhlonishwa Meya woMzinyathi Khansela Thembisile Mchunu uthi kulolu hlelo eza nalo iwadi newadi eMsinga izothola iborehole.
UMsinga njengoba unamawadi awu-21 ngakho azoba wu-21 ama-boreholes azofakwa khona.
Bese kuxhunywa amapayipi ukuze lawo manzi afinyelele emphakathini bawakhe eduze.
“Ngakho ngiyacela mphakathi ningamphazamisi usonkontileka ngoba lokhu kwenza umsebenzi uphuze ukuphela,” kusho iMeya.
UMhlonishwa uMeya waseMsinga uKhansela Felinkosi JSikhakhane uthi ukulethwa kwamanzi eduzane kuzonciphisa ubunzima kwabesifazane nezingane okudingeka bahambe amabanga amade beyofuna amanzi. “Usonkontileka sinethemba lokuthi uzosebenza ngobuqotho nesivivini esifanele ngoba sinenkinga enkulu yamanzi eMsinga.
“Nani mphakathi nibaphathe kahle usonkontileka sivikele nengqalasizinda ezokwakhiwa, ” kubeka uMeya uSikhakhane.
Amalunga omphakathi athi lokhu okuzokwenziwa uMzinyathi akuthokozela kakhulu sebefisa engathi usonkontileka uyaqala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
