
By Mduduzi Mbangayiya
IChiefs izodudulana neZamalek koweCaf confed cup eSuez Canal Authority stadium e-Egypt ngeSonto ixhugela njengoba izitobha zayo ezimbili eziqavile zizobe zingekho.
Ignacio Miguel ulimele kanti akawudlalanga nomdlalo wabo ne-Al Masry SC kanti u-Aden MaCcathy uthole amakhadi amathathu .
IKaizer idinga iphuzu elilodwa noma iwunqobe lomdlalo kanti iZamalek idinga amaphuzu amathathu aphelele.
IZamalek SC isikhiphe isitatimende isibhekise kubalandeli baleliqembu ukuthi bazongena mahhala kulo mdlalo, khona namabhasi amahhala azotholakala kuzozonke izindawo.
Lamaqembu asedlale umdlalo owodwa ngokulingana lokho okufaka ingcindezi kuwona womabili lamaqembu.
Khona manjalo, komunye umdlalo ozoba phakathi kwe-Al Masary SC ne Zesco United wona uzocacisa iqembu elidlulela esigabeni samaqoqo eCAF Confederation Cup.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Zesco United ikhiphe ishobolo lokunganqobi kuCAf Confederation Cup ngeZamalek SC .
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
