UMkhwanazi uthi asikho isidingo samasosha eKZN

By Sidlabehlezi Gumede

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uthi asikho isidingo sokuthi kungatshalwa  amasosha kwelikaMthaniya ngoba ezakhe zinawo amandla okubhekana nezigebegu.

UNdonga ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngemuva kokujuba amaphoyisa ukuba agasele ePhoyinti okuyisidleke sezigebengu nalapho kudayidwa khona izidakamizwa.

Uthe izigebengu kumele zisabe ukuba kulesi sifundazwe.

Amaphoyisa akulesi sifundazwe aseyasatshwa izwe lonke njengoba kwaziwa ukuthi awananazi ukuchitha ubuchopho ezigebengwini eziyingozi.

Seziphelile izigebengu zithelwa othulini ngenhlamvu ngemuva kokuzama ukugagazisana namaphoyisa kulesi sifundazwe.

Nakuba iqhubeka inhlese yobugebengu, isuke iqhutshwa izigebengu ezingamadelakufa ngoba zisuke zazi ukuthi ngezikwenzayo zizimbela igodi ziphila.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.