
By Sidlabehlezi Gumede
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi uzojuba amasosha ukuba alwe nozama zama kanye nobugebengu bamaqembu ezigelekeqe eCape Town.
Ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni ngoLwesine kusihlwa eKapa, uRamaphosa ufunge wagomela ukuthi bazobuhlakaza ubugebengu ubuhleliwe.
“Ngizojuba amasosha ukuba asize amaphoyisa ekulweni noZama zama nasekulweni namaqembu ezigelekeqe eWestern Cape,” usho kanje.
IWestern Cape ikakhulukazi iCape Flats ikhungethwe izimpi zamaqembu ezigelekeqe ezihlalisa lubhojozi umphakathi.
Kwezinye izigameko kugcina sekulimala nabantu abangenacala, abalinyazwa izinhlamvu ezisuke ziphaphalaza uma kulwa amaqembu ezigelekeqe.
Cishe njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili kubikwa ngezigameko zokubulawa kwabantu eWestern Cape.
Uphinde waveza ukuthi bazophinde baqinise umkhankaso wabo zokulwa nenkohlakalo edla lubi ezweni.
Uthe bazokwethula umthethosivivinywa wokuvikela labo ababika ngenkohlakalo phecelezi ama—whistle blowers.
Ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke baze babubekezelele ubugebengu.
URamaphosa uphinde waveza ukuthi irandi libonakala lidlondlobala okuyizindaba ezinhle.
Uveze nokuthi ukusebenza ngokubambisana ngaphansi kweGNU kuthela izithelo ezinhle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
