
UPiet Wiersma wase Netherlands unqobe iComrades Marathon ngaphansi kwe Nedbank International. Lokhu kunqoba kukaWiersma, kuxabanisa abasubathi beNedbank Running Club balapha eNingizimu Africa ,
UDan Matshailwe udukiswe ngu Tete Dijana wathi makehlise ijubane kancane kusho Matshailwe. “Bese ngiqalile ukuncintisana no Piet obephambili kwami lokho kungidukisile ngoba ngabe akayishayanga intambo kuqala” kusho Dan ngomuzwa obuhlungu.
Khona manjalo Matshailwe uphinde waveza ukuthi ubehlose ukungena kubasubathi abayishumi bokuqala ku Comrades Marathon, ngoba ngonyaka odlule akenzanga kahle njengoba engayiqedanga iComrades Marathon. Khona manjalo uJoseph Mage uphinde waveza ukuthi ukuhlonipha kumsizile kakhulu njengoba ethole unombolo 2 ku Comrades Marathon ka 2024. Khona manjalo Johannes Makgetla uziqinisekisile lezindaba zongaboni ngasolinye wabasubathi be Nedbank Running Club,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
