Iyashiya imenenja ye Comrades Marathon enesigcwagcwa

Iphelile inkontileka ka Anna Ashworth obeyimenenja ye Comrades Marathon yalonyaka. U-Ann Ashworth uqashwe ngo November nyakenye ngemuva kokuthatha umhlalaphansi kwezokusubatha.

Wayevale isikhala esasishiwe ngu Rowen James owayeyimenja ye Comrades Marathon. Kuzokhumbuleka ukuthi Ann wayengumpetha we Comrades Marathon ngo 2018.

Anna ufike washintsha okuningi kakhulu ku Comrades Marathon njengoba waqala wakhatha iMedia Truck ehamba Izintatheli yonke iminyaka nezithuthuthu ze-media. Ubexabana nabanye ngaphakathi ngoba mangabe bembonisa ubevele abe ngundlovu kayiphikiswa.

Uphinde waqamba namanga aluhlaza ngokuthi washayiswa yisithuthuthu semedia, u-Anna Ashworth kumfakele isigcwagcwa kwabezindaba. Kanti Anna ubengomunye wabasubathi ekade bengaconsi phansi kwabezindaba eNingizimu Africa.

IBUNDA IZINDABA lihoshe ngomthombo walo ukuthi u-Anna Ashworth uyahamba njengoba kuphela iComrades Marathon, uhamba umoshile kakhulu ngaphakathi ku Comrades Marathon.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.