Bagubhe nosaziwayo usuku leWorld play odado base Little Paddington

Odado base Little Paddington eMorning Sise bagubhe usuku le World Play Sasko Siyasizana ngokuhlanganyela nosaziwayo bomdlalo uZalo uNkunzi, noNjeza kanye nomakzi wokhozi FM uNonhlanhla Mroza Buthelezi nabazali bezingane kade bekhona. Kugqame kakhulu izinkulumo ezakhayo njengoba uNkunzi ekhulume kabanzi ngokunakekela abantwana kubazali.

“Kumele mangabe ungumzali uxoxe nabantwana khona uzobazi ukuthi ngabe bacabanga kanjani ngoba abathandi izinto ezifanayo abazali. Mangabe usubazi nibangabangani nabantwana ngoba bagcina sebeqonda kabanzi ngomzali.”

UBongani Khumalo ngomunye wabadlali abakhuliswe kahle ngabazali bakhe njengoba uKhumalo ekhuluma isilungu engathi esemlungu wase England. Uthi waqala ukusifunda ekhaya njengoba abazali bakhe yibona ababafundisa isilungu ekhaya.

Omunye umdlali ovamise ukubalula ngabazali bakhe ngu Simphiwe Tshabalala oyinkakha ye Kaizer Chiefs. UKhaya Zondo ongukaputeni weqembu le Hollywood Bet Dolphins ngomunye wabadlali abanenhlonipho abayithola kubazali bakhe.

Umntwana othole imfundiso ekhaya uyazihlonipha lapho ehamba khona. njengoba nabanye abantwana uyabahlonipha. Kunabantwa abanodlame ezikoleni abathanda ukushaya abanye abantwana ezikoleni. Labantwana bagcina bekhula nalomkhuba mangabe beyekiwe besebancane. UMroza Buthelezi uthi yena kumele umuthi ugotshwe usemanzi kulabantwsna. nabazali kumele basondelane nabantwana babo kuphetha uMroza.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.